Ikhasi Elikhulu

Siyakwamukela kwiWikiphidiya yesiZulu,
Umthombo obalulekile ongahlelwa yiwo wonke umuntu.
Manje, sekunemibhalo eyizi- 12,287 ngesiZulu. Masiqale!

Isibhalwa esiqhakanjiswayo

Isithombe sikaMbuyisa Makhubu ethwele umfundi uHector Pieterson
Ukuvukela kweSoweto kwakuyizibhelu nochunge lwemibhikisho eyasuswa yintsha engabafundi abansundu, enxulumeni laseSoweto mhla zili-16 kuJuni ngonyaka we-1976, futhi kwabhebhethekela ezweni lonke laseNingizimu Afrika ngenkathi yobandlululo. Abafundi babhikisha ngokumelene nokungeniswa kolimi lwesiBhunu, esasibhekwa njengolimi labacindezeli, bengafuni kusetshenziswe lona noma kufundiswe ngalo ezikoleni. Kulinganiselwa ukuthi kwakunabafundi abayizi-20, 000 emibhikishweni okwengeziwe...

Ingabe bewazi ukuthi...

Ulwandlekazi

...Ulwandlekazi luyindikimba yamanzi anetswayi emboze amaphesenti angama-70.8% oMhlaba. Nokuthi luhlukaniswe lwaba izindikimba zamanzi ezinkulu, ezibizwa ngokuthi izilwandlekazi ( iPasifiki, i-Atilantiki, lwase-Ndiya, i-Antatika, ne- Aktiki) ?

...Intsha yaseNingizimu Afrika ngokwezibalo zonyaka wezi-2024 yakha amaphesenti angama-33 esibalo sabantu, okusho ukuthi bayizigidi ezingama-21 abantu abasha abeniminyaka ephakathi kwelishumi nanhlanu kuya kwengamashumi amathathu nane (15-34) ?

...INyuvesi yakwaZulu (UNIZULU) isikhungo semfundo ephakeme esisenyakatho nomfula uThukela KwaZulu-Natal, eNingizimu Afrika. Nokuthi le nyuvesi yasungulwa ngosizo lweNkosana yakwaPhindangene, uMangosuthu Buthelezi, owaba ngumongameli wayo ngonyaka we-1960 ?

Amaqiniso...

IQembu Lebhola Lesizwe laseNingizimu Afrika limele iNingizimu Afrika emdlalweni kanobhutshuzwayo yamazwe omhlaba. Igama eliyisifenqo noma isiteketiso saleli qembu lithi Bafana Bafana. Lafaneleka ukudlala kuNdebe YoMhlaba yeFIFA izikhathi ezintathu: iNdebe YoMhlaba yowe-1998, iNdebe YoMhlaba yowezi-2002 neNdebe YoMhlaba yowezi-2006. Ngowezi-2010, iNingizimu Afrika kwaba yisizwe sokuqala sase-Afrika ukusingatha lomqhudelwano. (okwengeziwe...)

Izibhalwa ngokwezihloko

Izithombe eziqhakanjiswayo

INdebe YoMhlaba yeFIFA yowezi-2026 kuzoba yiNdebe Yomhlaba ye-FIFA yama-23, umqhudelwano webhola likanobutshuzwayo labesilisa lamazwe omhlaba olwenzeka emva kweminyaka emine. Lo mqhudelwano uzoqala ngoJuni zili-11 kuya kuJulayi zili-19 wezi-2026. Lo mqhudelwano uzoba yiNdebe Yomhlaba yokuqala ye-FIFA ukusingathwa amazwe amathathu laseMelika, elaseMekisiko, neKhanada, futhi edlalwa amaqembu angama-48.
Usizo ngokubhala

Wamukelekile ukuba ufunde ukuhlela izibhalwa kwiSandbox.

IWikiphidiya ngezinye izilimi

Amanye ama-Wikiphidiya amancane ngeziLimi zaseAfrika

IsiBhunu · Akan · አማርኛ · Bamanankan · Chi-Chewa · chiShona · chiTumbuka · Ɛʋɛ · Fulfude · Gĩkũyũ · هَوُسَ · Ìgbo · isiXhosa · Kinyarwanda · Kirundi · Kiswahili · Kongo · Lingala · Luganda · Malagasy · مصرى · Oromoo · Sängö · IsiSuthu · Setswana · SiSwati · Isindebele · Soomaaliga · Taqbaylit · ትግርኛ · IsiVenda · Twi · Wolof · Xitsonga · Yorùbá ·

(Uma udinga Ama-Wikiphidiya amakhulu, bheka ku-bar esesayidini)

Uhlu lwawo wonke amaWikiphidiya (List of all Wikipedias)

uLimi